Akasoze [Live]
Phakathi kwezinhlupheko
Kukhona ameva ahlabayo
Ngithi into engiduduzayo
Ucabanga ngami
Ngithi phakathi kwezinhlupheko
Kukhona ameva ahlabayo
Ngithi into engi-engiduduzayo
Ucabanga ngami
Ngithi uyacabanga, oh Nkosi
Wena ucabanga ngami
Mina angesabi lutho, mina angesabi lutho
Wena Jesu ucabanga ngami
Ngithi uyacabanga, oh Nkosi
Wena Jesu ucabanga ngami
Mina angesabi lutho, mina angesabi lutho
Wena Jesu ucabanga ngami
Uyacabanga, wena Jesu
Ucabanga ngami, ucabanga ngami
Mina angesabi lutho, angesabi lutho
Wena Jesu ucabanga ngami
Ngithi owuqalile umsebenzi
Uzowufeza empilweni yakho
Ngithi noma uSathane yena ehlasela
Ngiyamethemb'owase Khalvari
Ngithi owuqalile wona umsebenzi
Yena uzowufeza empilweni yakho
Noma uSathane, yena ehlasela
Ngiyamethemb'owase Khalvari
Oh, Msindisi wami, wena ungihola
Futhi ubambisisa ngisho isandla sami
Akasoze angidele ngoba yena wangifela eKhalvari
Oh, Msindisi wami, wena uhlal'ungihola
Futhi njalo ubambisisa ngisho isandla sami
Awusoze ungidele ngoba wena wangifela eKhalvari
Akasoze (Akasoze angidele owangifela eKhalvari)
Ngithi akasoze (Akasoze angidele owangifela eKhalvari)
UJesu ngithi akasoze (Akasoze angidele)
Ngoba yena wangifela (Owangifela eKhalvari)
Oh, akasoze (Akasoze angidele owangifela eKhalvari)
Ngithi awusoze, Simakade, wena awusoze
Wena Jesu awusoze, Moya Oyingcwele awusoze
Sonini Nanini awusoze, wena awusoze
Wena awusoze, wena awusoze
Hee, ungcwele (Akasoze angidele)
Akekh'ofana nawe, akekh'ongafuniswa nawe (Owangifela eKhalvari)
Wena unamandla (Akasoze angidele)
Wen'umbeth'amandla njengengubo
Wen'umbeth'amandla njengengubo (Owangifela)
Wen'uyingcwele (EKhalvari)
Akekh'ofana nawe (Akasoze angidele owangifela eKhalvari)
Ngithi awusoze ungidele
Ngoba wena wangifela ngisho eKhalvari
Ngithi wena awusoze, wena awusoze ungidela
Simakade wena wangifela, ngishokhon'eKhalvari